Multimedia

Uhlelo olukhethekile lwe-#IngomaEhlukanisaUnyaka

Date: Jan 22, 2024

UNeliswa Cele oshayela Ukhozi FM TV ukwethulela uhlelo olukhethekile lwe-#IngomaEhlukanisaUnyaka.

UNeliswa Cele oshayela Ukhozi FM TV ukwethulela uhlelo olukhethekile lwe-#IngomaEhlukanisaUnyaka.

NgoLwesibili mhlaka 16 kuMasingana 2024, bekunohlelo olukhethekile lwe-#IngomaEhlukanisaUnyaka ezindlini zokusakaza eSABC, lapho bekuzoklomeliswa ngokusemthethweni umculi owadla umhlanganiso kulomncintiswano uKhuzani Mpungose.

Kuphide kwaklomeliswa nabalaleli abavote kakhulu, lapho okubalwa khona uThulani Gwiji (40 112 wamavoti) - R50 000, Mncedisi Ndlovu (15085 wamavoti)-  R50 000.00, Nathi Simelane (8940 wamavoti) - R40 000.00 kanye noThembinkosi Mdelu (6332 wamavoti).

UKhuzani Mpungose udle umhlanganiso kulomncintiswano ngengoma yakhe ehambisana noLuve ethi Umjolo Lowo. Udlulisa ukubonga kubalandeli bakhe abamukhombise uthando, bamuvotela. UKhuzani uthi akekho umuntu oyoke awine eqhathwe naye, ingakho esekhethe ukudedela abanye ukuthi bewine. Usethathe isinqumo sokuthi engabe esayingenela imincintiswano.

Ingoma Ehlukanisa Unyaka 2023 ibixhaswe ngokuziqhenya Amathole Funerals

#IngomaEhlukanisaUnyaka #UkhoziFM

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...

ADVERTISEMENT

Multimedia

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*