Ukhozi FM TV no Neliswa Cele othole ithuba eliyinqayizivele lokuba nengxoxo noMnu Smanga Mabaso ongusomabhizinisi futhi usezakhele igama elikhulu emphakathini wangakubo eMsinga. Kulengxoxo bakhuluma ngezamabhizinisi kanye nesithembu njengoba eyindoda enesithembu.
USmanga ungusomabhizinisi oqavile, onenhliziyo ehlezi ifisa ukukhuphula indawo yangakubo ngokwakha amathuba emisebenzi. Uphinde asixoxele kabanzi ngempilo yakhe njengendoda eshadelwe isthembu, nezifiso zakhe zokukhulisa umuzi wakwaMabaso.
Uphinde asixoxele ngendlela abaphila ukuze ezoqinisekisa ukuthi izingane zakhe zithole uthando olulinganayo, kungabi khona othandwa kakhulu ukunomunye.
USmanga uthi awudingi imali ukuze ube nesithembu kodwa ziningi izinto uzibheke uma ufuna ukuba indoda yesithembu.
"Uma ungumuntu akumele kube uwena oziqhakambisa kuqala", kusho uSmanga. Kuningi esikufunda kuMnu Mabaso kulengxoxo, thola konke lokho ngokubukela le-video.
#UkhoziFMTV #UkhoziFM #UkhoziFM63