Ukhozi FM belundizele eLagos eNigeria lapho bekwethulwa khona ifilimu ebizwa ngokuthi i-Gangs of Lagos.
I-Prime Video yethula ifilimu ye-Gangs of Lagos mhlaka 7 April 2023 njenge filimu yokuqala yase-Afrika.
UKing Sfiso uthole ithuba lokuba nengxoxo nabalingisi abakhona kulefilimu, lapho okubalwa khona uTobi Bakre, Chike, Adesua Etomi kanye no Jade Osiberu ongumqondisi aphinde abengumdidiyeli wale filimu. Bagqugquzela ababukeli ukuba bayibuke le filimu ngoba kuningi okwenzakalayo, abazokuthokozela.
I-Gangs of Lagos ifilimu egxile kubugebengu naseqenjini labangane bezingane okumele ngamunye abheke ikusasa lakhe, bekhulela emigwaqweni ephithizelayo yase-Isale Eko eLagos. Le filimu iphinde ikufundise ngomlando waseNigeria.
Uma ufisa ukubukela ifilimu ye-Gangs of Lagos, ngena ku- www.primevideo.com
#UkhoziFM #UkhoziFMTV #GangsOfLagosOnPrime