Uma udinga ukutshala imali yakho, bukela le-video ukuthola enye yezindlela ongezisebenzisa ukutshala imali yakho.
Ukhozi FM TV noSiya Mhlongo kanye noNeliswa Cele, abathole ithuba lokukhuluma noSimphiwe Buthelezi oyi-Property Investor. Kule ngxoxo sidingida udaba lokutshalwa kwemali kwi-property okungaba indawo yokuhlala, yokuqashisa, yokudayisa njll.
USimphiwe usixoxela ukuthi yini eyamenza wangena kulomkhakha. Uthi ungene kulomkhakha esamncane kakhulu njengoba ubejwayele ukusiza abafundi bathole indawo yokuhlala. Lokho kwaphoqa ukuthi angagxili esikoleni esisodwa kodwa kwaphoqa ukuthi agxile kweziningi ukuze ezokwazi ukusiza abafundi abaningi. Ilokho okwenza egamanxe kulomkhakha.
USimphiwe usichazela nge-property portfolio, agent kanye ne-credit score uma ufuna ukutshala imali yakho kwi-property.
Sibheka izindlela ongatshala ngazo imali yakho kwi-property, kukhona iresidential, industrial, commercial, kanye ne-land property. Ngokubona kwakhe, uthi kuhle ukuthenga iproperty endaweni la ozokwazi ukuya kuyo uma kunenkinga, ukuze uzokwazi ukusheshe uyilungise.
Kuningi uSimphiwe asicushisa ngakho kulengxoxo mayelana nokutshala imali ngokuqashisa nangezinye izindlela ezahlukahlukene ze-property.
#UkhoziFMTV #UkhoziFM #propertyinvestment