Multimedia

Ukhozi FM TV: Mphathi Chamane onguSonkondlo

Date: May 9, 2023

Uhlelo #SekuntwelaEzansi olushayelwa uLonda Mbatha lunengosi ethi “ithuba lesibili”. Lapho abalaleli bebhalela kuhlelo lwakhe, bemulandisa ngesikhathi babebona ukuthi sekuphelile ngabo, nokuthi sashintsha kanjani isimo sabo.

Uhlelo #SekuntwelaEzansi olushayelwa uLonda Mbatha lunengosi ethi “ithuba lesibili”. Lapho abalaleli bebhalela kuhlelo lwakhe, bemulandisa ngesikhathi babebona ukuthi sekuphelile ngabo, nokuthi sashintsha kanjani isimo sabo.

Ukhozi FM TV noNeliswa Cele othole ithuba lokuxoxa noMphathi Chamane onguSonkondlo, aphinde abengumphathi we-Isibani Entertainment egxile ekuthwebuleni kwamaFilimu, izinkondlo kanye nomculo. Kulengxoxo bakhuluma ngempilo kaMphathi nokuthi iziphi izingqinamba abhekane nazo empilweni futhi usizakale kanjani.

UMphathi usixoxela ukuthi iphupho lakhe kusukela ebunganeni bakhe, ubefisa ukulingisa. Uthi abazali bakhe uma bemubona kuma DVD, wawubona ukuthi bayaziqhenya ngaye. “Bangifundisa okuningi abazali bami, bangifundisa ukumazi umuntu omdala, ngimhloniphe, ukumazi umdala wezinsuku futhi ngithandazele wonke amaphupho ami kanye nezifiso zami, ukuze ngolunye usuku ngiyoshintsha isimo sakithi”, kuchaza uMphathi.

Sithola kabanzi nangezinhlelo anazo kulonyaka. Thokozela inkondlo emnandi, oyiphiwa uMphathi akayibhalele umngani wakhe uXolani Nzuza.

Uma ufisa ukuthumela incwadi yakho nawe usazise ukuthi impilo ikunike kanjani elinye ithuba, thumela kule email ethi londambatha@gmail.com

#UkhoziFM #UkhoziFMTV

Comments

comments powered by Disqus

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...

ADVERTISEMENT

Multimedia

Web Content Viewer (JSR 286)

Actions
Loading...
Complementary Content
CLOSE

Your Name:*

Your Email:*

Your Message:*

Enter Captcha:*