Bhanga ngokuphepha nangokuhlakanipha ngalamasu ukuze uvikele imali yakho:
· Hlala uqaphile! Ungalokothi unikane ngama-PIN nama password akho kubantu abathi babuya ebhange lakho. Ibhange lakho ngeke likushayele, likuthumele i-SMS noma i-email ekucela lolo lwazi.
· Ungachofozi ama-link ku-SMS noma i-email ngaphandle mawazi ukuthi babuyaphi.
· Ungalokothi uthembe ukutshalwa kwezimali noma ithuba lebhizinisi elikuqinisekisa inzuzo engaphezulu kakhulu noma engakholwakali. Uma kuzwakala kukuhle kakhulu ukuthi kungaba yiqiniso, kuvamile ukuthi kube umkhonyovu.
· Qaphela indawo okuyo uma usebenzisa i-ATM. Vikela ikhadi lakho ne-PIN. Kanti, ungalwamukeli usizo uma lungaveli kumsebenzi wasebhange.
· Lamasu uwalethelwa abakwa Capitec Bank.
· Umhlinzeki wosizo lwezezimali nomebolekisi osemthethweni.